← Back to Home
AUTHOR
THE DURBAN EDGE TEAM
PUBLISHED:
MEYI 2023

UKUKHULA OKUGQOZAYO KWE-GDP KAZWELONKE

Ngekota yokuqala ka 2023, umnotho wezwe ukhombise ukukhula okungatheni kuka-0.4%, kanti kube yimikhakha eyisishiyagalombili kweyishumi ebe negalelo kulokhu. Ngokushokwe-International Monetary Fund (IMF), ukukhula kwe GDP yase Ningizimu Afrika kulindeleke kwehle kusuka ku-2.6% ngo 2022, kuye ku-0.1% ngo 2023. Nakuba umnotho angakafinyeleli kwinzikamnotho, iNingizimu Afrika isadonsa kanzima emnothweni jikelele futhi kubukeka kulokhu kungathembisi.

Impi eqhubekayo phakathi kwamazwe iRussia ne-Ukraine, kanjalo nonswinyo olubhekiwe embonini kawoyela eRussia kunomthelela ongemuhle emnothweni wase Ningizimu Afrika. Ukucishwa izikhawu kukagesi okuqhubekayo kuleli kusalokhu kuyiphazamisa imizamo yokukhulisa umnotho futhi kuvimbela ukuqhubeka kwemisebenzi yezomnotho. Ngokusho kombusi weBange-ngodla lase Ningizimu Afrika (SARB), ukucishwa izikhawukukagesi kulindeleke ukuthi kugawule amaphesenti amabili ekukhuleni komnothokulo nyaka.

Ngaphezukwalezi zinselelo kunomthwalo wokukhula kwesikweletu sikahulumeni, ukukhulakwenzalo yemali nokukhula kwamanani empahla. Ukudayiswa kwempahla esetshenziswangokushesha yabathengi kukhombise ukukhula kwengenisomali ngo-13.4% umakuqhathaniswa nonyaka odlule, okulekelelwa kakhulu wukukhula kwamanani hhayinje ukwanda kokusetshenziswa kwempahla. Ngenxa yalokho, ukwelulama komnothokuza kancane futhi kukhomba ukungeneli ekuzinziseni isimo somnotho, okwenzakube nesithombe esingesihle ngamathuba okukhula komnotho wezwe.

I-GDP YETHEKU IKHULA NGOKUCATHULA

Kule minyaka edlule, iminotho emhlabeni jikelele ithe ukuphazamiseka futhi kwaba nezinguquko ezinqala ezidale ukuthi kwehle ukukhula komnotho. Lokhu kube nomthelela emnothweni weTheku kule minyaka edlule okuholele ekutheni kube nesithombe esikhombisa ukungakhuli kahle komnotho okufakazelwa wukukhula kuka-0.5% ngekota yokuqala ka 2023. Ngaphezu kwalokho, i-S&P Global Market Intelligence ilindeleukuthi iGDP yehle isuka ku-2.3% ngo 2022 iye ku-0.4% ngo 2023.

I-GDP yeTheku ishayeke kakhulu ngeKota 2 ka 2020, kanti njengamanje isibuyele emazingeni eyayikuwona ngaphambi kokuhlasela kobhubhane lweCOVID, njengoba kubenamazinga okukhula ka-1.8% ngeKota 3 ka 2022, yafinyelela emazingeni aphezulukunawo wonke awaphambilini okungu-R456 billion.

Nakuba kubenokukhula kuka-1.2% ngeKota 1 ka-2020 ngaphambi kokuhlasela kobhubhane, iGDP isalokhu ingaphansi kuka-0.6% okuyisiqongo efinyelele kuso ngeKota 1 ka 2020 ngaphambi kobhubhane. Kubalulekile ke ukuthi iTheku libuyise umgqigqo walokulawa makota ezayo ukuqinisekisa ukuthi kuba nokukhula okunozinzo komnotho.

UKUKHULA KOMNOTHO KUNQINDWAYIZIGAMEKO ZEZINHLEKELELE

ENingizimu Afrika, ingxenye enkulu yokuthuthwa kwempahla ilele ekusetshenzisweni kwamaloli, okuyiwona athwala izingxenye ezimbili kwezintathu zempahla isiyonke namakota amathathu enani layo yonke impahla ethuthwayo. Amabhizinisi amaloli nezithuthi zomgwaqo ezisebenza eThekwini yiwona awumgogodla womkhakha wezokuthutha, ukuthuthwa kwempahla nokuthutha ngemikhumbi.

Nokho ke,ukushiswa kwamaloli muva nje KwaZulu-Natal akuphazamisanga nje kuphela imboniyokuthuthwa kwempahla eThekwini, kodwa futhi kubeke egcupheni izimboni ezibalulekile emnothweni weTheku. Lo mkhuba wokwesabisa kunamathuba okuthiuxoshe abatshalizimali futhi ube nomthelela ongemuhle kwezohwebo kulesisifunda.

Ngenxayokuthi lo mkhakha awukasebenzi ngokugcwele, inzuzo eyenziwa amabhizinisi kulindeleke ukuthi inciphe, futhi imisebenzi yabantu bakithi isengcupheni. Ukwengeza kulezi zinkinga zeDolobha, iTheku liphinde lahlaselwa ezinyeizinhlekelele zemvelo – isishingishane esiholele ekutheni kulimale izakhiwo nengqalasizinda (amapayipi amanzi nezintambo zikagesi) ezindaweni ezakhelene neNanda enyakatho yeTheku. Umthelela wezinhlekelele ezidalwa wuku guquguqukakwesimo sezulu nezinselelo zengqalasizinda usudale ukuthi idolobha libuyele emuvamayelana nezinhlelo zokuvuselela umnotho. Umkhakha wamabhizinisi eThekwiniusalokhu ucindezelekile ngenxa yokuphazamiseka okukhona embonini yezokuthuthaimpahla, kuhambisana nokuguga kwengqalasizinda kagesi neyamanzi. Amabhizinisi nawo akhala ngokuphuza ukuphendula kukaMasipala ekubhekaneni nezinselelo zokuhlinzekwa kwezidingo nokungabi bikho kohlelo oluqondile lokubhekana nokulungiswa kwengqalasizinda egugile. Njengoba inselelo yokutholakala kogesi isalokhu iseqhulwini, kuncane osekwenziwe yiDolobha emizamweni yokuthi kutholakale ezinye izindlela zokwenza ugesi futhi alukho nohlelo lokuthikuzoqalwa kanjani. Ngaphezu kwalokho, izinselelo ezidalwa yizimo zokushodakwezimali nengcindezi yokwehla kwamandla emali nazo ziyengeza ezinkingeni ezibhekene namabhizinisi esifundeni. Lezi zinkinga sezihlangene zenza kubenzima ukuthi idolobha likwazi ukuba nozinzo kwezomnotho.

ISIPHETHO

Umnothowase Ningizimu Afrika kanjalo nowase Thekwini ubhekene nezingqinamba ezinkulu ekutheni ukhule ngendlela efanele. Isimo somnotho eNingizimu Afrika siyagqoza, kantilokhu kudalwa yilezi zinkinga esezibalwe ngenhla.

Nakuba kubekhona ukwelulama okungatheni okubonakele ngemuva kokugadla kobhubhane, lezi ezinye izinkinga zezomnotho zona ziyakubambezela ukwelulama ngokuphelele kweDolobha. Lezi zinselelo sezihlangene ziba wumgoqo ekukhuleni okubonakalayokomnotho, ekubeni ziphinde zinswinye uhulumeni kwezezimali njengoba kumele abhekane futhi afeze izidingo zabantu. Izinselelo kunamathuba okuthi zigcine umkhakha wamabhizinisi eThekwini ungaphansi kwengcindezi futhi abatshalimalibangaba manqika ukutshala izimali zabo lapha.

Ngenxayesimo somnotho eNingizimu Afrika naseThekwini njengamanje, kubalulekile ukuthi iziphathimandla, amabhizinisi, nezinhlaka ezehlukene ziqale amasu okwenza kubenozinzo ekuhlinzekweni kogesi, kuncishiswe isikweletu sikahulumeni, futhi kubhekwane nezinselelo zengqalasizinda, konke okungasiza ukwelulamisa umnotho nokudala izimo ezivumayo ukuthi kube nokukhula komnotho notshalomali. Ukubhekana nalezi zinkinga kuyigxathu eliya phambili ekutheni kufezekiswe ukwelulama nokukhula komnotho okunozinzo.

For more information, go to: