← Back to Home
AUTHOR
ITHIMBA LE DURBAN-EDGE
PUBLISHED:
uMbasa 2023

SEHLE NGO-79 000 ISIBALO SABANTU ABASWELE UMSEBENZI ETHEKWINI KUSUKELA NGEKOTA YOKUGCINA KA-2022

Imiphumela yoCwaningo Lwabasebenzi Lwamakota Onyaka (QLFS) lwabakwaStatsSA lukhomba ukuthi amazinga okwesweleka kwemisebenzi eThekwini ehle ngo-4.2% aya ku-17.6% ngo-Q4 ka-2022, esuka ku-21.8% ngo-Q3 ka-2022. Lokhu kusho ukuthi bangu-22.6% abantu abebengaqashiwe ngo-2022, okungaphansana kwezibalo zika-2021 (22.8%).

Behle ngo-79 000 abantu abangaqashiwe eThekwini ngekota yokugcina ka-2022. Nokho ukwehla kwezibalo akudalwanga wukwanda kwezikhala ezintsha zomsebenzi eThekwini. Ukunalokho, kube nokwanda okukhulu kwabantu abaphumile ezibalweni zabantu abafuna umsebenzi (abawu-73 000), okungaba yingenxa yokuthi sebehlanzengedela ukuthi bayoke bawuthole umsebenzi base beyeka nokuwubheka (okwenza ukuthi bangabalwa) noma bahoxe ngokuphelele ekuzibandakanyeni nezomnotho.

Nge-Q4 ka-2022 bebengu-310 000 abantu eThekwini abebengaqashiwe futhi asebephose ithawula ukuthi bayoke basebenze, kanti abangu-262 000 abangasebenzi bebesakukhuthalele ukubheka umsebenzi. Ngaphandle kwangesikhathi kunemigomo yomvalelandlini, kuyaqala eThekwini ukuthi abantu asebedikibele ukufuna umsebenzi babe ngaphezukwalabo abawubhekayo. Kuzwelonke, imisebenzi eminingi ilahleke emisebenzini yomphakathi, ezolimo nemboni yezokwakha. Ziningi izinselelo okungenzeka ukuthizibe nomthelela kulokhu ezingeni leDolobha, okubalwa inkinga yokunqamuka kwamandla kagesi okuhleliwe (okuyinkinga engabalwa nasekulahlekeni kwemisebenzi nakweminye imikhandludolobha), kanjalo nokuntenga komnotho. Ngokufanayo neCapeTown, iTheku nalo libhekene nenkinga yokukhahlamezeka kwengqalasizinda emabhishi kulona lonke iDolobha, okuholela ekutheni sinciphe isibalo sabantu (ngaphansi kuka-100 000) abavakashela iDolobha ngesikhathi samaholidi kancibijane, ngenxa yokwesaba ukungenwa yizifo zamanzi.

Nokho, miningi imizamo edingekayo ukuze kukhuliswe imakethe yemisebenzi nokuqinisekisa ukuthi ayaqhubeka nokwehla amazinga okwesweleka kwemisebenzi awanyuki. Isibalo esikhulu sabantu abaphumile ezibalweni zalabo abathungatha umsebenzi siyinkomba yokuthi umnotho awukhuli ngokwanele ukubhekana nesibalo sokwanda kwabantu ezweni. Isimo sabasebenzi asikashintshi uma kubhekwa amakhono kuqhathaniswana ngezikhathi zangaphambi kobhubhane lweCovid-19. Kumele kubhekelelwe kakhulu ukuthuthukiswa kolwazi namakhono ukuze abantu abangasebenzi, ikakhulukazi intsha, bakwazi ukusebenzisa amathuba emisebenzi akhona ezimakethe.

 

Ngolunye ulwazivakashela ku: https://edge.durban/dataset/quarterly-labour-force

For more information, go to: